Mbali Dhlamini

Mbali Dhlamini

Tv Presenter, Actress, Enterpreneur

MBALI DHLAMINI
NgiyiMbali, iMbali Yothando,
IMbali Yokukhanya kanti futhi
NgiyiMbali Yokuthula Noxolo….

Ngiyintombi yomMzulu,
Intombi yakwaDhlamini,
Olokothwayo,Osibalukhulu,
ONkomo zidla ekhaya ngoba zeswele abelusi…..
Ukube Ngangiyena uMzulu
Ngangaba yini…..

Ngizalwa intombi yakwa Dhlamini, yona ezalwa nguMaKubheka, uKhathide,uNdolwane, uMbokodebomvu kama Gayiza…

Ngiyazigqaja, Angizenyezi
futhi Ngiyazithanda…
Ubuntombi Bami Buyigugu Kimina..
Angiyilutho Ngaphandle Kwalegugu..

Nginyathela Ngesitho Esincanyana…
Lapho Nginyathela Khona Kudilika Imithangala, Ngishiya Ibutho
Libuzana ngaleMbali enhle kangaka..

Ngibe Sengisho Ukuthi NgiyiMbali Yothando, iMbali yokukhanya, iMbali Yokuthula Noxolo..
Ngizalwa uMaDhlamini, uMaDhlamini
Ozalwa uMaKubheka, uKhathide, uNdolwane, uMbokodebomvu kama Gayiza…

Leli Isiko Lami, Lena Impilo yami
Ngiyaziqhenya ngakho lokho..

Hobbies: Tv Presenting, Acting, Singing, Dancing

SLOGAN : Phambili ngobutshitshi phambile.

TRIBE : Zulu

LOCATION : KwaZulu Natal

(Visited 973 times, 2 visits today)

Videos